
Nhlakanipho Mnqayi
Abashayeli abangi-12 abatholwe beshayela bedle amponjwana eRichards Bay naseMpangeni izolo ebusuku.
UMphathiswa wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Sboniso Duma ubonge ithimba lakwa-Road Traffic Inspectorate elisebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi labo abaphula imithetho yemigwaqo bayajeza njengoba bebesebenzisana namaphoyisa kanue nethimba lamaphoyisa omgwaqo aseMhlathuze.
Kulaba ababoshiwe batholakale benamazinga aphezulu atshwala emzimbeni. Ingxenye yalabo ababoshiwe bebenezinga elingu-1.46 mega litre.
“Sibophe abashayeli abathathu abaneminyaka engaphezu kuka-30 okubalwa kubo abanyeminyaka engu-45, 47 no-48. Abanye abathathu baneminyaka engu-24, 30 no-31,” kusho isitatimende.
Sithe abanye abebeshayela izimoto ezincane abangu-7, ababili abashayela izimoto ezincane ezithwala impahla nabo zibakhalele.
Okunye okuhlalukile ukuthi bangaphezu kuka-411 abashayeli asebeboshiwe ngemxa yokushayela bedle amponjwana kusukela ngo-15 August nonyaka.
