
Nhlakanipho Mnqayi
Osomabhizinisi abancane batiswe ukuba bakhande amabhizinisi azokwazi ukuthi athole uxhaso ngokushesha uma beludinga emcimbini obubanjelwe eMelrose Boulevard, eGoli muva nje.
Lo mcimbi obusingathwe yinkampani yomshwalense iMetropolitan ngaphansi kohlelo lweMetropolitan Collective Shapers, bekuzokwethulwa ihlandla lesine lwalolu hlelo oluzogxila kwezolimo ne-Logistics.
Isikhulu esiphezulu sakwaMetropolitan, uMnuz Peter Tshiguvho, elandisa Ezangempela For Real, uthe kunemali ebekiwe ezosiza ibhizinisi ngalinye elikulolu hlelo.
“Imali esiyibeke eceleni njengoMetropolitan ezongena ekuxhaseni ibhizinisi ngalinye ingu-R20 000, usomabhizinisi ngamunye. Ngaphezu kwalokho, kunohlelo olubizwa nge-My Door, okuyinkampani esiza amabhizinisi amancane ukuthi akhe amabhizinisi angakwazi ukuthi axhaseke.”
“Lokho kusho ukuthi amabhizinisi osekuphele unyaka noma izinyanga ezingu-18 esunguliwe, uyakwazi yini ukuya ebhange uthi nali ibhizinisi futhi linazo zonke izinsiza zokuthi ibhange lilixhase. Kodwa uma unebhizinisi ungazi ukuthi ungalenza kanjani ukuthi lixhaseke, uma usudinga imali yoxhaso, ugcine ungakwazi ukuyithola,” kusho uTshiguvho.
UNksz Linda Mthalane onepulazi lezinkomo, iNkanyezi Yenkosi Farming, ezinze eDundee KwaZulu-Natal, ongomunye wabahlomula ngalolu hlelo, uthe lidlala indima enkulu kulaba abalimayo nabafuyayo.
“Lolu hlelo lusinika amaqhinga okuthi singabhekana kanjani nezingqinamba esihlangabezana naso kulo mkhakha. Lolu hlelo lusifundise nokuthi uma lezo zingqinamba zifika, singadikibali, lasifundisa nokuthi singagxili ebhizinisini elilodwa,” kusho uNksz Mthalane.
Uthe ukungena kwezamabhizinisi akukho lula.
“Kwesinye isikhathi ufikelwa amacebo amaningi futhi into uma usayicabanga, ibukeka ilula. Akungathi uma sekushintsha kungabi yilento oyifunayo noma imali ingangeni ngendlela obuyicabanga, ebese uphonsa ithawula ngoba iNingizimu Africa idinga thina njengosomabhizinisi ukuze kuzovela amathuba emisebenzi,” usho kanje.
Uthe kuyaba nezimo eziphulana umoya ebhizinisini, kodwa kubalulekile ukuthi osomabhizinisi baqeqeshwe ngokomqondo njengoba uma usebhizinisini uphinde uxakeke, imvamisa iyasaba ukubika ekhaya, izibuze ukuthi labo abathembele kuye bazomubuka kanjani.
