
Kubanjwe inkunzi abantu abangu-15 abebegcwele iToyota Quantum bebuya emsebenzini ezintatha namhlanje eWaterloo.
IReaction Unit South Africa ithi isigameko senzeke ngabo 1:25 emgwaqeni Inkosi Johnson.
Abasebenzi bebebuya emsebenzini enxanxatheleni yezitolo bephoqwa ukuthi bame endaweni okuphela kuyo umgwaqo.
Abasolwa ebebehamba ngeFord Fiesta emnyama ebilokhu ilandela itekisi ngaphambi kokuthi iyimise.
“Abazibonele batshele onogada beReaction ukuthi amadoda abehlomile avule izicabha zetekisi abamba inkunzi bonke abagibeli bowu-15 ama-cellphone nemali. Abasolwa badubule umshayeli bamgeja,” kusho isitatimendi seReaction.
Akulimalanga muntu esigamekweni futhi abasolwa babalekile.
