
Umculi wama-piano uMawhoo uthi akaze ajole namuntu endimeni yomculo ephika izinsolo zobudlelwano noDJ Maphorisa.
UMawhoo ubhale kuFacebook lokhu kulandela ukuthi kulunywe ngaye noMaphorisa usuku lonke.
Omunye obebhebhethisa kakhulu lamahlebezi ngozibiza ngoChrisExcel enkundleni eyayaziwa ngeTwitter esibizwa ngo-X.
Ufake imibhalo ilandelana ngoMawhoo noMaphorisa.
UMawhoo uhluleke ukuzibamba wagcina ephendulile.
“Angikaze ngijole noma ngilale namuntu endimeni,” kusho uMawhoo.
UDJ Maphorisa uzithulele yena.
