
Nhlakanipho Mnqayi
UMshayeli wetekisi ebe sengozini kwalimala abafundi abangu-20 eMpendle, izolo, usezikhindini. Lo mshayelu uphunyukwe itekisi yayongena ebhulohweni lasendaweni yakwaKhetha emgwaqeni uP127.
Ngokusho kwesitatimende soMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, sithe umshayeli kutholakale ukuthi ubengenazo izincwadi zokushayela njengoba izolo evele wanyamalala emva kokwenzeka kwengozi.
“Umshayeli uphule umthetho we-National Land Transport Act ngokuthutha izingane engenazo izincwadi ezisemthethweni iProfessional Driving Permit (PrDP),” kusho isitatimende.
UMphathiswa wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Sboniso Duma, uthe uyalele ithimba lakwa-Road Traffic Inspectorate ukuthi lisebenzisane neminyango yasemgwaqeni kuMasipala waseMpendle kanye nabanye omasipala.
“Sifuna ukususa abashayeli abashayela budedengu emigwaqeni yethu okuyibo abenza izingozi ezibandakanya izimoto ezithutha abafundi kanye nezinye izingozi esezibulale imindeni zaphinde zashabalalisa izimpilo zabantu abangenacala,” kusho uDuma.
Uthe basebenza nezinhlaka eziningi ukuqinisekisa ukuthi bayangenelela ngokushesha.
“Mina, njengoMphathiswa wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu, ngisebenzisana noMphathiswa wezeMpilo, uNkk Nomagugu Simelane, UMphathiswa wezeMfundo, uMnuz Sipho Hlomuka, iMeya yakuMasipala waseMgungundlovu, uMnuz Mzi Zuma kanye noMasipala waseMpendle,” usho kanje.
Uthe njengoba kumenyezeliwe izolo ukuthi kucelwa uMkhandu we-South African National Taxi Council KwaZulu-Natal ukuthi uzibukele eduze lezi zingozi ezithinta ososeshini bamatekisi nabahlinzeka ngezimoto ezithutha izingane zesikole njengoba ziningi izimoto ezingakufanele ukuba semgwaqeni kodwa zisetshenziswe ukuthutha izingane zesikole.
