
Nhlakanipho Mnqayi
Uboshiwe umshayeli obedle amanzi amponjwana emgwaqeni uN3 oshayise izimoto maqede wabaleka.
Kuthiwa ngesikhathi amaphoyisa emumisa emgwaqeni uChota Motala eMgungundlovu, ube eseshaya iphoyisa wabaleka. Ngesikhathi ebaleka, iveni lakhe leMahindra, libe selishayisa ezinye izimoto endaweni yaseHowick ngaphambi kokuthi ilibhekise ngase-Hilton emgwaqeno uR103.
Ngesikhathi ejahwa, kulimale iphoyisa lomgqawo elimumisile ngokumushayisa, lase liphuthunyiswa esibhedlela.
Ube eseboshwa wagcinwa esitokisini. Ubhekene namacala okushaya, ukubaleka emdaweni yesigameko kanye nokushayela budedengu.
“Ezinyangeni ezedlule ngiyalele ithimba lakwa-Road Traffic Inspectorate (RTI) ukuze liqinisekise ukuthi labo abashayela budedengu kanye nalabo abashayela bedle amponjwana,” kusho uDuma.
Uthe yingakho bekhiphe izikhangiso zokuthi kudingeka amaphoyisa omgwaqo angu-278, ukuze baqinise ithimba labo lakwa-RTI.
