
Nhlakanipho Mnqayi
Ubuntu, umphako ongaboli. Lokhu kuvezwe oyiMeya yaseMfolozi, uMnuz Xolani Bhengu ngesikhathi ebungaza usuku lwakhe lokuzalwa namuhla.
UMnuz Bhengu wenze okwehlukile njengoba egubhe usuku lwakhe lokuzalwa nabadala ngokubapha ukudla, izingubo ezinothile zokulala, izinduku zokudondozela nokunye.
Ekhuluma nabezindaba, ukhuze labo abasola abadala ngokuloya uma sebehlaselwe izifo zomqondo ngenxa yokukhula.
“Uma usukhula uba mdala, uyashintsha nasebusweni. Kunanezifo eziphatha abantu abadala okubalwa kuzo isifo sokukhohlwa futhi umuntu ubuyela ebunganeni. Uma sibona abantu abadala benza lezi zinto zobungane, siye sibe nenkolelo yokuthi ubeyothakatha, kodwa usuke engazi nanokuthi kwenzakalani,’ kusho uBhengu.
Uthe uyacela futhi uyanxisa ukuthi kuphele amazwi okuthi umuntu omdala ubehambahamba noma ubeyokwenza ezinye izinto.
“Akube yinto eyaziwayo ukuthi uma umuntu ekhula uba nesifo sokukhohlwa, uba nesifo sokuthi abuyele ebunganeni futhi ahambe angazazi ukuthi uyaphi,” usho kanje.
Uthe konke lokhu uma sekwenzeka, kusuke sekungezinye zezimpawu okumele ziqondwe futhi bavikelwe abantu abadala.
