
Nhlakanipho Mnqayi
Ugqemeke engeqiwa ntwala umndeni wakwaMthethwa eMakhwezini ku-ward 12 ngaphansi koMasipala waseMfolozi ngesikhathi bevuka ngezindaba ezibuhlungu zokubulawa kwelunga labo lomndeni.
Lesi sigameko senzeka-nje, UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli ubebize imbizo yokulwisana nodlame nobugebengu kulendawo obesebudlangile.
Ngokuthola kwe-Ezangempela For Real, kusolwa omunye womndeni okungumshana kumufi ngalesi senzo njengoba kuthiwa uphanjanelwa yikhanda. Umshana naye ugcine eshonile ngenxa yokulimala emuva kokutholwa edamini ebhukuda ekuseni emuva kwesigameko.
UNksz Phindile Mthethwa ongumamncane kamsolwa echaza kabanzi ngesigameko, uthe ziningi izigameko zenzeka, uma bebikela amaphoyisa, athi abafonele abezimo eziphuthumayo.
“Lesi sigameko senzeke ebusuku ngoba utholwe ekuseni kule ndlu esikha kuyo amanzi.’
Uthe bashaqekile ngalesi simo ngoba ngokuzwa kwabo umsolwa akaqali ukulimaza umuntu. Uthe umsolwa uqale ukukhombisa izimpawu zokuba nodlame ngoMgqibelo, babiza amaphoyisa angafika athi akubizwe i-ambulensi. Lo mndeni uthe ngeSonto bamvalele kodwa ejomba kanti akucaci ukuthi isigameko senzeke nini ngoma umalume kasolwa utholwe ekuseni, enqunyiwe wasikwa esiswini kwaphumela amathumbu ngaphandle.
IMeya yaseMfolozi, uMnuz Xolani Bhengu ozifikele mathupha endaweni yesigameko, uthe yisimo esingesihle lesi njengoba bematasa bekhuza indaba yodlame emphakathini.
“Sisahlaba ikhwelo namanje ukunxusa ukuthi emphakathini akube khona ukubambisana ekulweni nezimo ezifana nalezi. Kuyashiwo ukuthi umsolwa lo ophambanelwe ikhanda ubonakele, kwase kuthintwa amaphoyisa nawo athi akufonelwe abezimo eziphuthumayo abo abathe bayasaba ukuza ngoba ngaphambilini babanjwa inkunzi kule ndawo,” kusho uBhengu.
Uthe umphakathi kumele ufunde ukuthi uma behlala nabantu abenza ubugebengu, yikho kanye lokho okwenza bengalutholi usizo uma kufanele baluthole. Imeya inxuse ukuthi udlame lwasemakhaya luphele, kubanjiswane.
