
I-ANC KwaZulu-Natal ixoshe esikhundleni ikhansela laseMandeni elisolwa ngokuhlukumeza umphakathi, ukudlwengula nokushaya kanzima.
Leli khansela laku-ward 17 limiselwe ubulungu balo be-ANC lase likhishwa ekubeni ikhansela.
Kuthiwa lashaya kanzima umuntu ngoba limsola ngokumtshontshela.
“Isisulu sasinda kodwa sase siyanyamalala. Kwatholakala izinsalela zaso emuva kwezinyanga isidumbu sesonakele kwaba nzima nokusho ukuthi ubani. Kwadingeka ukuthi kwenziwe iDNA ukuqinisekisa ukuthi umufi ngubani,” kusho uFanle Sibisi okhulumela i-ANC eKZN.
Uthe isinqumo sokukhipha ikhansela basithathe ngoba bebeka umphakathi phambili.
