
USol Phenduka odume ngohlelo lweYoutube iPodcast and Chill with MacG uphelelwe umsebenzi ngenxa yenkulumo eyenziwa kulolu hlelo ngosaziwayo uMinnie Dlamini.
USol uxoshwe emsakazweni iKaya959 Fm lapho ebesakaza khona uhlelo lwasekuseni ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu noSizwe Dhlomo.
Ezinsukwini ezedlule umisiwe emsebenzini kusaphenywa.
Isikhulu sesiteshi esibambile uDave Tiltmann sithe abayigqugquzeli inkkkulumo eyenziwa ohlelweni lukaMacG uSol Phenduka ayingxenye yayo.
“Inkulumo ecwasa abesifazane eyenziwa ngomllingisi uMinnie Dlamini ayamukelekile futhi ayihambisani nemhlonipho efanele abesifazane,” usho kanje uDave.
