
Nhlakanipho Mnqayi
INkantolo yesiFunda eThekwini igwebe abasolwa abathathu ngecala lokuzama iphoyisa elalingekho emsebenzini.
ONdabezinhle Mvuno (29), Simiso Mthimkhulu (47), noThamsanqa Msabala (29) bagwetshwe iminyaka engu-10 ngalesi senzo.
Ngokusho kwesitatimende samaphoyisa sithe zingu-29 August 2021, ukapteni Gysbert Johannes Grotius wayehamba emgwaqeni waseCato Crest ngesikhathi itekisi eyayisolisa inabalisa abathathu. Kuthe ngesikhathi eya kuyo ukuyobheka ukuthi abaludingi yini usizo omunye wabasolwa wamshaya ngekani lamanzi amponjwana, ukapteni walithatha walijikijela ephindisela kuyo itekisi.
“Abasolwa abathathu babe sebemshaya kanzima. Omunye wabasolwa wasebenzisa nentambo yethusi ukushaya ukapteni walimala kanzima ekhanda, wopha nangokwengqondo, waphuka iminwe waphinde walimala kanzima ebusweni nasemzimbeni,” kusho isitatimende.
Sithe uNkosikazi wakhe wabe esebona isigameko, ukapteni waphuthunyiswa esibhedlela ukuze axilongwe.
“Ngemxa yobucayi bokulimala kwakhe, wathathwa ngendiza enophephela emhlane. Ngo-April wango-2022, uMvune, uMthimkhulu noMsabala baboshwa uphiko loKlebe, bavela nasenkantolo yeMantshi eThekwini baze bagwetshwa zingu-29 May nonyaka baphinde bahlonzwa njengabangakufanele ukuphatha izibhamu,” sisho kanje.
USihlalo wesiFunda KwaZulu-Natal, uMajor General Lesetja Senona ukwamukele ukugwetshwa kwabasolwa waphinde wancoma namaphoyisa ngomsebenzi omuhle.
