
Umculi wamahubo uMbuso Khoza uthi akasenandaba nokufa ufuna imali yakhe kumbhali wemidlalo ye-tv uDuma Ndlovu.
UMbuso ubhalele uDuma ukuthi akabambe ucingo lwakhe mayelana nemali amkweleta yona yoMkhokha kusuka ngo-2021 kuze kube isizini yokugcina.
“Ngaqamba izingoma eziningi, awube umuntu Boya benyathi,” usho kanje.
Ubebhala kuFacebook ezwakalisa ukuthi usezame konke.
UDuma ungumnikazi wenkampani ebiyeza Umkhokha obudlala kuMzansi Magic. UMbuso akagcinanga ngokwenza izingoma kodwa ulingise nakhona.
UMbuso uthi uzame konke kodwa uDuma ufuna ubunazi bezingoma zakhe ngenkani uze wamthumela amaphepha ethi u-50% owakhe.
“Sengizame ngokusemandleni ukumncenga njengomuntu omdala kodwa ulokhu engisabisa ngamathuba okulingisa wathi ngizowuvala lompompi wokulingisa,” kusho uMbuso.
UDuma akakaphawuli ngalokhu.
