
Nhlakanipho Mnqayi
Abasolwa ababili abebefunelwa amacala okubulala iphoyisa, ukuzama ukubulala kanye noxhaxha lwamacala okugqekeza kuhlonyiwe badutshulwe bashola eNanda izolo.
Ngokusho kwamaphoyisa, athi abelandela umkhondo walaba basolwa abebefunwa obaholele endlini esendaweni yaseMaplazini, eNanda.
“Ngesikhathi amaphoyisa efika kuleyondlu azibikile, ayalela abasolwa ukuthi bavule umnyango, abasolwa baphendula ngezulu lezandla nawo aziphendulela ukuze aziphephise.”
“Ngesikhathi kudutshulwana, abasolwa ababili ababalelwa eminyakeni engu-20 no-21 basale enkundleni,” kusho isitatimende.
Isibhamu ebesicishwe izinombolo sitholwe kubo abasolwa. Alikho iphoyisa elilimalile ngesikhathi kudutshulwana.
