
Nhlakanipho Mnqayi
Usizi belubhalwe emehlweni kubasebenzi abahlanza ihostela laKwaDabeka eKK ku-ward-20 kulandelwa ukuxoshwa isigubhukane.
Ngokuthola kwe-Ezangempela For Real, babalelwa ku-39 abasebenzi abaxoshiwe abebehlanza izitebhisi zakuleli hostela ukuqinisekisa ukuthi lihlezi lihlanzekile futhi kungekho ukungcola. Okunye okuhlalukile ukuthi iningi labo abesifazane okuletha usizi njengoba iningi labo lingazi lizothatha ini lihlanganise nani.
Labasebenzi bazwakalise ukungenami kwabo izolo ngesikhathi benomhlangano emtampo wolwazi, khona eKK.
Omunye wabasebenzi elandisa Ezangempela For Real, uthe bagcina zingu-14 July nonyaka ukusebenza, ikhansela labatshela ukuthi kunabaqashi abasha futhi uyena othatha izinqumo.
“Wathi izinqumo ezakhe njengoba kunguye ophethe njengekhansela. Wathi njengoba bephumile abaphathi bethu nathi asisenawo umsebenzi, akekho amsabayo futhi awukho umthetho ongaphezu kwakhe,” kuchaza lomsebenzi ongathandanga ukudalulwa igama lakhe ngenxa yokusabela impilo yakhe.
Omunye uthe, kumuphatha kabi lokhu okwenzekile ngoba kwenzeka ngenyanga yabantu besifazane.
“Ngidumele kakhulu futhi ngiyazwela uma kuthintwa abantu besifazane. Abesifazane yibona abondla imindeni. Uqashe abesilisa ngoba ebasaba, wakhipha abesifazane ngoba engabasabi,” usho kanje.
Uthe ikhansela libavezele ngokusobala ukuthi yilo elinamandla.
Omunye obeyingxenye yabaqashi onenkampani iSphushi Mpilo, uMnuz Jabulani Khumalo onguSihlalo woSihlalo khona ehostela, uthe yena wezwa ngocingo etshelwa ukuthi inkampani yakhe angeke isakwazi ukuqhubeka isebenze.
“Asitshelwanga nokuthi sigcina nini. Le nkampani ngayisungula ngoba ngifuna ukusiza abafelokazi. Okungiphatha kabi kakhulu ukuthi kuqashwa abantu besilisa kuphela,” kusho uKhumalo.
Ikhansela ulifanise nomuntu onesifo sochoko, wathi uma beliphila kahle, belingeke liyenze into enje.
UMnuz Khulekani Mbhele, oyikhansela laku-ward-20, lithe kukhala isicathulo somthetho ehhovisini lekhansela qha futhi aliqondi ukuthi ukuhola ngesandla sensimbi kungena kanjani.
“Lokho angazi kungena kanjani kubantu abangasebenzi ngoba abekho abasebenzi abangaphansi kwehhovisi lekhansela. Mina njengekhansela ngibonisa ngiphinde ngisize umphakathi ngezingqinamba obhekene nazo. Okuthinta abasebenzi kuxhumana nabaqashi noMnyango wezaBasebenzi,” kusho uMbhele.
Uthe wafunda ukusebenzisa umthetho wakuMasipala nomthetho waseNingizimu Africa.
“Uma ungiphoqa ukuthi ngenze okuphambene noma okungabhaliwe phansi, ufuna ngizwe ngawe, cha akwenzeki impela. Kukhala isicathulo somthetho kuleli hhovisi lekhansela qha.”
“Akekho umuntu oxoshiwe yihhovisi lekhansela ngoba munye umuntu osebenza khona okungumlawuli. Abantu abaphelelwe umsebenzi bebesebenza kwimfelandawonye emithathu ephelelwe izinkontileka ebezineminyaka emithathu,” usho kanje.
Uthe uma imifelandawonye iphelelwa umsebenzi, umsebenzi usuke usuphelile nakubasebenzi bayo futhi kungamampunge ukuthi kuqashwe abesilisa abaningi njengoba bengu-25 abesifazane, abesilisa bangu-14.
