
Nhlakanipho Mnqayi
Umsolwa oyedwa udutshulwe wafa kwathi ababili balimala ngesikhathi bedubulana namaphoyisa KwaDabeka, eKK Hostel ngoLwesithathu ntambama.
Ngokusho kwesitatimende samaphoyisa sithe zingu-29 July nonyaka, amaphoyisa amabili ayesemsebenzini ehamba emgwaqeni uDanisa kwaBester, eNanda ngesikhathi ehlangana nentululwane yezinhlamvu bedutshulwa abasolwa abangu-10.
“Ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko, amaphoyisa akwazile ukuziphindiselela, abasolwa badla phansi. Womabili amaphoyisa athola imihuzukwana aphuthunyiswa esibhedlela ukuze athole usizo,” kusho isitatimende.
Sithe kube sekuqaliswa ukuthungathwa kwabasolwa ngokushesha, kwathi ngoLwesithathu amaphoyiaa athola umkhondo wokuthi babhace kuphi abasolwa.
“Uphenyo luholele amaphoyisa ehostela laKwaDabeka eKK lapho abasolwa abane bebecashe khona. Ngesikhathi amaphoyisa esondela lapho becushashe khona, abasolwa bavele bavulela ngezulu lezandla bebhekise emaphoyiseni nawo angananaza aphindisela.”
“Umsolwa oyedwa udutshulwe wafa, abathathu baphuma ngamawindi kwathi ababili batholwa ngaphandle benamanxeba okudutshulwa, baphuthunyiswa esibhedlela beqashwe ngeso lokhozi ngamaphoyisa,” sisho kanje.
Okunye okuhlalukile ukuthi abasolwa bayamaniswa nesinye isigameko sokudubulana eNanda. Abasolwa batholwe nesibhamu nezinhlamvu ezingu-93. Olunye uphenyo lwamaphoyisa luholele ekutheni kuvundululwe ezinye izibhamu ezintathu.
Abasolwa ababoshiwe bazovela enkantolo uma sebeluleme. Amaphoyisa asaqhubeka nokuthungatha abanye abasolwa.
Alikho iphoyisa elilimalile kulesi sigameko
