
I-Orlando Pirates imemezele ukapteni wayo omusha ozothatha ibhande elishiwe u-Innocent Maela osethathe umhlakaphansi.
UNkosinathi ‘Bhodlela’ Sibisi othole umklomelo weDefender of Season kumaPSL Awards izolo uvotelwe abadlali be-Orlando Pirates njengokapteni omusha kule sizini.
Abadlali bavote ngokuyimfihlo okuyinto eyenziwa kwiPirates uma kufunwa ukapteni.
Amasekela akhe nguThapelo Xoki noMbekezeli Mbokazi yena othathe umkomelo weNedbank Cup Most Promising Player of the Tournament.
USibisi uthe yithuba elingandele bani ukuqokwa njengokapteni weqembu elingaka.
“Umsebenzi engiwakelayo futhi ngithembisa ukuwenza ngendlela engangamandla ami,” kusho uSibisi.
Akaqali ukuhola ngoba iPirates yamthenga kwiLamontville Golden Arrows engukapteni wayo.
