
Kunesiphithiphithi ema-airports ahlukene abashayeli basele dengwane iFlySafair ihoxisa amanye amabhanoyi ayo ngenxa yesiteleka sabashayeli esiqale namhlanje ekuseni befuna ukunyuselwa umholo.
Abashayeli bamabhanoyi akwaFlySafair bafuna ukunyuselwa umholo ngo-10.5% umqashi yena uthi unganyusa ngo-5.7%.
ISafair ithi abashayeli bayo bahola phakathi kukaR1.8 million – R2.3 million ngonyaka okubabeka ku-1% wabahola kakhulu eNingizimu Africa.
Ithi abanye abashayeli bavumile ukuthi bazoza emsebenzini kodwa base besho ngomzuzu wokugcina ukuthi abasezi okwenze amabhanoyi abebezowabamba ahoxiswa.
Le nkampani ithe ixhumane ngqo nabagibeli abathintekayo.
