
Umsakazi weVuma FM uJacinta Ngobese Zuma usememezele ukuthi uxoshiwe emsebenzini ngaphandle kwesizathu.
UJacinta usakaza uhlelo iThe Cruise engena ngo-9 ekuseni kuze kube u-12 emini ngoMsombuluko kuze kube uLwesihlanu.
Uthe uzogcina kuyo ngoJuly 31.

Esitatimendeni sakhe uthe sekufikile kuye ukuthi kukhona ofake isikhalo ngaye kubaphathi bakhe kodwa ngeke achaze ngaso okwamanje.
UJacinta uwumsunguli womkhankaso iMarch and March Movement engabafuni abantu bangaphandle kwaseNingizimu Afrika abakhona ngokungekho semthethweni.
Kulezi zinsuku isematheni eKZN naseGauteng ngokuvimba abangenawo amaphepha ukuthi bathole usizo emtholampilo nasezibhedlela.
UJacinta ubesechithe iminyaka emihlanu kwiVuma FM athe ibisafana nekhaya lakhe lesibili kuye ngoba kukaningi ephunga nezesheli.
