
Nhlakanipho Mnqayi
Umsubathi waseKenya uFelix Kirui utholwe esecaleni lokusebenzisa isikhuthazi esingavumelekile emjahweni weDurban International Marathon wangalonyaka.
Uphenyo olunzulu olwenziwe yi-Athletics Integrity Unit (AIU), luholele ekutheni uKirui atholwe enecala lokuphula umthetho we-anti doping rule.
“UKirui ukhishiwe kulomjaho, waphucwa isococo, indondo nemali ayiwinile. Ngenxa yalokho, selushintshile uhlu lwabesilisa abanqoba kulo mjaho,” kusho isitatimende.
Sithe ukukhishwa kuka Kirui kusho ukuthi nemali eyatholwa yilabo abahlanu abaqeda kuqala izobuyekezwa ngenxa yokushintsha kwezinto.
USteve Mkasi ongisihlalo weDurban International Marathon uthe bayaseseka isinqumo se-AIU.
“Noma kudumaza ukuzwa izindaba ezinje, sizibophezele kwezemidlalo ezihlanzekile nemincintiswano emihle. Siyalubongela uhlu lwabasubathi olubuyekeziwe nabo bonke ababe yingxenye, abaxhasi kanye nezithameli ngokuseka iDurban International Marathon,” usho kanje.
Nanti uhlu olubuyekeziwe lwalabo abaqede endaweni yokuqala kuya kweyesihlanu kwabesilisa.
- Godwin Katakura (Zimbawe) obelele indawo yesibili ngaphambilini.
- Blessing Waison (Zimbabwe) obelele indawo yesithathu ngaphambilini.
- Tumelo Motlagale (South Africa) obelele indawo yesine ngaphambilini.
- Namakoe Nkhasi (Lesotho) obelele indawo yesihlanu ngaphambilini.
- Reghen Magwai (South Africa) obelele indawo yesithupha ngaphambilini.
Khonamanjalo: iHollywood Athletics Club iyinqamulile inkontileka yomgijimi uNkosikhona Mhlakwana othole inhlawulo yeminyaka emithathu ephela ngoJune 11 2028 engayingeneli imijaho kulandela ukuvuma icala lokusebenzisa isikhuthazi esingafuneki egazini i-EPO kwiTwo Oceans Marathon ngo April. ISABC Sport ibike ukuthi iclub yakhe ithe ngeke imsize ngalutho. UMhlakwana wabaphuma endaweni yesine kwiTwo Oceans okusho ukuthi kumele abuyise uR35 000 womklomelo nendondo ayiwina.
