
Nhlakanipho Mnqayi
Zibakhalele abasolwa abangu-14 emva kokuvundululwa kwesidleke esitshala insangu eSpringfield, eBabanango namhlanje ekuseni.
Kubasolwa abangu-14 ababoshiwe, abangu-10 bangabokufika kuleli. Ngokusho kwesitatimende samaphoyisa sithe uphiko lwamaphoyisa asesifundeni saseZululand, awaseVryheid, uLundi K9 unit kanye noMnyango wezaseKhaya bancinzwe indlebe baphuthuma endaweni yesigameko.
“Amaphoyisa avundulule indawo engamahektha amahlanu okutshala insangu obekuthiwa ipulazi lokutshala imifino. Kuphinde kwatholakala imifaniswano yoMbutho wezamasosha iSouth African National Defence Force (SANDF), ocelemba nensangu ehloliwe etholakale kubo abasolwa.
Babe sebekhalelwa ngamasongo kaSigonyela abasolwa abaneminyaka engu-19 kuya ku-40. Kulindeleke ukuthi bavele enkantolo yeMantshi eBabanango maduzane.
