
Nhlakanipho Mnqayi
IMeya yakuMasipala waseMfolozi, uMnuz Xolani Bhengu uphonsele inselelo entsheni ukuba iveze amakhono ayo ukuze athuthukiswe.
UBhengu usho kanje ngesikhathu evula ngokusemthethweni inkundla yesemidlalo eSibululwane ku-ward-4 eMalalenaphezulu kuwo lomasipala muva nje.
Ekhuluma nomphakathi uthe kuyajabulisa ukuthi lenkundla igcine iphothuliwe emva kokuhlangabezanga nezinkinga.

“Sigcine sesishintsha nosonkontileka obeyakha futhi ngiyaxolisa emphakathini njengoba lenkundla siyiphothule sekudlule isikhathi eyayibekelwe sona. Lokhu ebesizokudlulisa kulomphakathi kusayisiqalo njengoba sisazishaya indesheni eMnyangweni wezeMidlalo, amaCiko namaSiko ukuthi iphinde ithuthukiswe ukuze kugcine kudlalelwa kuyo imidlalo eyahlukene,” kusho uBhengu.
Uthe ukuqhubeka nokuyithuthukisa yingoba bafisa ukuthi imidlalo yenkakha uSiyabonga Sangweni ebidlalwa ngeviki eledlule, igcine idlalelwa ezindaweni ezahlukene kulo masipala ukuze kuvele nabanye abadlali abaseqopheleni eliphezulu.
Induna yakulendawo, uMnuz Vincent Mthiyane, ubonge umasipala ngokuyilungisa lenkundla nathe wayegijima kuyo esayinjejane.
“Ngiyathemba ukuthi abantu abasha sebezoqoqeka futhi nginxenxa wonke umphakathi ukuba uyinakekele lengqalasizinda,” usho kanje.
Lenkundla inezindlu zokushintshela nezangasese okukhona kuzo nezabakhubazekile. Kufakwe nethangi elinenjini edonsa amanzi phansi futhi kuzofakwa nompompi ngaphandle kwayo inkundla ukuze umphakathi ukwazi ukusizakala kulawa manzi.
