
Nhlakanipho Mnqayi
Umqeqeshi weTwo For Joy FC, uThomas “Tk” Khoza, utuse ukuzinikela kwabadlali beqembu lakhe njengoba beqhubeka nokukhiqiza abadlali abadlala esigabeni esikhokhelayo.
UKhoza usho kanje njengoba uThokozani “Kay Master” Khumalo (26) esayine kuLamontville Golden Arrows noNtokozo “N2” Nzama (20) osayine kwi-Richards Bay FC adlala kuBetway Premiership. UKhumalo udlala njengomgadli kanti uNzama uyisitobha.
Akusikhona okokuqala leli qembu elidlala iziteki likhiqiza abadlali libayisa esigabeni esikhokhelayo njengoba selike lakhiqiza abadlali abafana noSenzo “Mbhobho” Ndlovu, Chico Mdluli, Nhlanhla Ntuli, Andile Mgenge noSamkelo Maseko.
Elandisa Ezangempela For Real uthe kuyintokozo kubo ukubona abadlali babo beyodlala esigabeni esiphezulu.
“Leminyaka emithathu edlule isinikeze okungaphezulu kokunqoba leliqembu ebelingakucela. Sizishaya isifuba futhi siyabonga ngalemiphumela. Abafana bajabule futhi bathukile ngoba leli yithuba elikhulu kubona,” kusho uKhoza.
Uthe kulonyaka bebegxile kakhulu ekubekeni abadlali babo ebalazweni.
“Inhloso yethu bekuwuveza ikhono labafana futhi ngijabule ngoba lokho sikwazile ukukwenza futhi senza okungaphezulu. Kusanezinye izindaba ezinhle ezithembisayo njengoba abanye abafana bethu abathathu benikezwe ithuba ngamaqembu ahlukene adlala kuBetway Premiership futhi ngiyakholwa ukuthi konke kunesikhathi sakho. Uma kungalungi kulonyaka, kuzolunga eminyakeni ezayo,” usho kanje.
Uthe ushayela ihlombe iqembu leTwo For Joy FC, abaphathi, uSihlalo kanye nabadlali ngomsebenzi omuhle nangokuzinikela.
