
Nhlakanipho Mnqayi
Umsakazi weGagasi FM ophinde abe ngumlingisi uMinenhle Ntuli uthi uyaxolisa ngezenzo zakhe.
UMinnie usho kanje kulandela indlela aziphathe ngayo ohlelweni iReal Housewives of Durban (RHOD) eyenze abantu abaningi bangamthandisisa baze bafuna nokuthi akhishwe emsakazweni nakumabukakude bemubiza ngebhoklolo.
Esitatimendeni asikhiphile namhlanje uthe uyayiqonda imithelela yezenzo zakhe kwi-RHOD futhi uyazisola.
“Ngithanda ukuxolisa kuwona wonke amalungu athintekile. Ngiyazi izenzo zami zilimaze abanye futhi ngalokho ngiyaxolisa kakhulu. Sengiwathintile amalungu ohlelo ngasese nasesidlangalaleni futhi ngiyazibophezela ekulungiseni, okubalwa kukho ukuxoxisana ubuso nobusi uma bevulelekile kukho.”
“Ngiphinde ngathatha isikhathi ngaxoxisana nabaphathi beGagasi FM mayelana nokuziphatha kwami ohlelweni okulethe isithombe esibi ngomsakazo. Ngenkathi umsebenzi wami emsakazweni nokuba sohlelweni kuyizinto ezahlukene, mina neGagasi sivumelene ukuthi kubalulekile ukuthi ngizisole. Isiteshi siphoxekile ngendlela engiziphathe ngayo, futhi savumelana ukuthi ngizothola ukwelulekwa ngochwepheshe ukuze ngibhekane nezimpendulo zami zemizwa,” kusho uMinnie.
Uthe lokhu kumenze wabona umthelela omubi okuwulethile ekuziphatheni kwakhe.
“Ngiphoxe umndeni wami, abangani, akhasimende ami ikakhulukazi abalaleli abathembekile abalalela uhlelo lwami zinsuku zonke. Ngenxa yalokhu, senginqume ukuthatha isikhathi ngizindle, ngithole ukuphulukiswa ngosizo lokwelulekwa. Ngizophinde ngisebenzise lesi sikhathi ukuthinta labo engibahlukumezile ngiphinde ngiqale uhlelo lokubuyisana,” usho kanje.
Uthe kuwona wonke umuntu okhombise ukumeseka, nokumuqondisa, uyabonga futhi akakuthathi kancane. Uthe amazwi abo abalulekile kakhulu ekuzindleni kwakhe futhi uzowathatha awasebenzise ukuze alulame.
