
Nhlakanipho Mnqayi
Intaka izobe ibekelwe amazolo emjahweni womtelebhelo wamahhashi waminyaka yonke iDundee July ozobanjelwa eNdumeni Horseracing, eDundee.
Ingqikithi yakulonyaka ithi: African Jewel. Lomcimbi uzoba zingu-19 July nonyaka, uzoqala ngo-10 ekuseni lize liyozilahla kunina.
Ngokusho kwesitatimende esikhishwe uMnyango wezeMidlalo, amaCiko namaSiko, sithe lomjaho usuzibeke kwelikhulu izinga njengoba omasipala nezinye izifundazwe zibukela kuwo.
“Umcimbi wangalonyaka uzobe ubungaza izinga eliphezulu njengoba uzobe ungena kunyaka wesi-20. Usutshengise ukukhula okukhulu selokhu wasungulwa ngo-2005,” kusho isitatimende.
Sithe eminye yemijaho izoqanjwa ngalowo owasungula iDundee July, uMnuz Mike Mthembu.
“Emijahweni engu-12 ezoba khona, eminye yawo izoqanjwa ngoMike Mthembu ngenhloso yokumhlonipha, okuzokwengeza umuzwa wenjabulo.”
“Isiteki semali esibekiwe singu-R2 million. Umjaho uzofaka phakathi ezemfashini okuzonikeza ithuba kubasiki bengqephu nonobuhle abasafufusa ukuthi batshengise ngekhono labo,” sisho kanje.
Emva komjaho, kuzoba nedili lomculo oluzofaka phakathi abaculi bendawo abazomenyezelwa maduzane. Kuzophinde kube ne-Career Expo, umcimbi wamanxusa oMr noMiss Dundee July, Street Carnival neGala Dinner.
Okunye okuhlalukile ukuthi kuzobe kungenwa mahhala, kodwa labo abafuna ukuba yizicukuthwane (VIPs) bazobe behlelelwe ematendeni ahlukene azokhangiswa ezinkundleni zokuxhumana.
