
Buthuse ngisho abaphathi beGagasi FM ububhoklolo bomsakazi wabo uMinnie Ntuli kwiReal Housewives of Durban edusha uLondie London kabili ngomunwe ebusweni.
UMinnie uthe uLondie umali uyenza elele ngomhlane abakutolike ngokuthi ulala nabantu ukuze bamnike imali.
Bekhuluma esiqeshini esivele kwi-Reunion namhlanje kuphakame umoya uMinnie wadusha uLondie ngomunwe uLondie wamamatheka ezigoqele izandla embuza ukuthi wenzani.
IGagasi lithi lithuke njengawo wonke umuntu futhi liphoxekile ngesenzo somakazi walo.
Lithi yize ekwenze ohlelweni lwe-tv oluzimele kodwa kunomthelela nasegameni lalo nasemphakathini.
IGagasi lithi uMinnie uyazisola futhi uyaxolisa kanti ufuna nokuthola usizo.
