
Nhlakanipho Mnqayi
ISouth African Police Service (SAPS) ithi zilokhu ziqhubekile nokungena izicelo zalabo abafuna ukuqeqeshelwa ukuba ngamaphoyisa.
Lolu hlelo olubizwa nge-Basic Police Learning Development Programme (BPLDP) abantu bafaka izicelo besebenzisa uhlelo lwezobuchwepheshe i-e-recruitment system ngenhloso zokugwema inkohlakalo kwezinye zezinto.
Esitatimendeni esikhishwe amaphoyisa sithe emahoreni angu-24 okuqala, bathole izicelo ezingu-67 774 eziqhamuka ezingxenyeni eziningi ezweni.
“Siyakuqonda ukuthi i-website yethu iyaphuza ukuphendula ngemxa yomthamo wezicelo eziningi. Abezobuchwepheshe bayaqhubeka nokuqapha isimo sezicelo. Abafaka izicelo bayacelwa ukuba babekezele,” sisho kanje.
Baphinde bakhunjuzwa labo abasanesifiso sokufaka izicelo ukuthi kuyavalwa ngo-18 July nonyaka.
“Bonke abantu uhlelo lwe-erecruitment website ukufaka izicelo hhayi nge-email,” sisho kanje.
Sithe labo abasadidekile noma abangakwazi ukuthi zifakwa kanjani izicelo bangabuka i-video ezobathatha ibabeke: https://youtu.be/3ruwImzYI_w?si=Ms4HvGx_s0CHvJb-
