
Nhlakanipho Mnqayi
ISouth African Football Association isinqume ukukhipha izifundazwe ezimbili emdlalweni yokuhlungela ukungena kuMotsepe Foundation Championship eqhubekayo eGoli.
Lezi zifundazwe yi-Eastern Cape neLimpopo njengoba kusanezinxushunxushu eziqhubekayo, okwenza kungacaci ukuthi iliphi iqembu elizoyimela kulemidlalo. Amaqembu athintekayo kubalwa i-Sinenkani FC ne-FC Ravens okungamaqembu ase-Eastern Cape kanye neMpheni Home Defenders neDolphins FC okungamaqembu aseLimpopo.
Encwadini ekhishwe yibamba lesikhulu esiphezulu kwiSAFA uTebogo Motlanthe ebibhalelwe lezi zifundazwe zalo soseshini nesigungu esiphezulu sikazwelonke, ibiqinisekisa ukuthi amaqembu asezoba yisikhombisa kuphela avela ezifundazweni eziyisikhombisa aqhudelana kulo mqhudelwano kazwelonke walo nyaka.
“Ngemuva kokucabangela isimo sezingxabano zamanje nokuthi kuvikelwe ubuqotho bomncintiswano, igama lenhlangano nabaxhasi, ikomidi lemincintiswano lihlanganile labe seliphuma nesinqumo sokukhipha amaqembu aseLimpopo naseEastern Cape njengoba kubukeka ukuthi izinxushunxushu zabo zingase zingaxazululeki ngaphambi kokuthi kuphele imidlalo yokuhlunga,” kusho uMotlanthe.
Uthe ngaphansi komthetho u-Rule 25.4 othi: Umncintiswano uzoqhubeka namaqembu akhona ayisikhombisa azodlala emaqoqweni azobukeka kanje:
Iqoqo A: lizoba namaqembu amathathu okubalwa kuwo iMidlands Wanderers FC, Zizwe United FC ne The Bees FC.
Iqoqo B: lizoba namaqembu amabili okubalwa kuwo iAfrican Warriors FC neGomora United.
Iqoqo C: nalo lizoba namaqembu amabili okubalwa kuwo iThames FC neKakamas Juventus.
“Lokhu kushintsha kwamaqoqo kuchaza ukuthi iqembu elizolala isibili, lizovezwa ukuthi amaqembu ayidlale kanjani imidlalo yayo yokuqala,” kuchaza uMotlanthe.
Ukusho kanje kukaMotlanthe kuchaza ukuthi iThames FC njengoba iwunqobile umdlalo wayo wokuqala izolo iguqisa iKakamas Juventus ngo 2-1, isidlulele emdlalweni owandulela owamanqamu kanti iKakamas Juventus yona isiphumile kulomncintiswano.
