
Nhlakanipho Mnqayi
Ugcine ebanjiwe, wavela enkantolo yeMantshi eMlazi osolwa ngamacala okubulala nokuzama ukubulala esigamekweni esenzeka ngo-16 May nonyaka.
UMnuz Sanele Dlamini usolwa ngamacala okubulala angu-8 kanye nangu-4 okuzama ukubulala. Icala lihlehlele zingu-30 June nonyaka ukuze kulalelwe isicelo sebheyili.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli ukwamukele ukuboshwa komsolwa waphinde wakuchaza njengesinyathelo esiyaphambili ekutholeni ubulungiswa kwezisulu nokuphola kwemindeni ethintekayo.
“Lokhu kuboshwa kucacisa ngokusobala ukuthi ezomthetho zizinikele ekubuyiseni ukuphepha nesithunzi emiphakathini yethu. Siyawancoma amaphoyisa, uphiko loKlebe kanye nazo zonke izinhlaka ezisebenze ngokuzikhandla ukuqinisekisa lempumelelo,” kusho uNtuli.
Uthe lokhu kubulawa kwabantu kwashiya imindeni eminingi ikhathazekile kwaphinde kwasabalala izwe lonke.
“Abantu baseMlazi nabaKwaZulu-Natal yonkana bafanelwe ukuphila ngaphandle kokusaba. Akekho umuntu noma iqembu elinelungelo lokubukela phansi ezokuphepha komphakathi.”
“Impi yethu nobugebengu, ukusebenzisana. Sigqugquzela bonke abahlali ukuthi babike izinto ezisolisayo futhi basebenzisane namaphoyisa ngophenyo oluqhubekayo. Ngobumbano nokusebenzisana, singabunqoba ubugebengu sibuyise imiphakathi yethu,” usho kanje.
UNdunankulu uveze ukuthi uhulumeni waKwaZulu-Natal uqinise ukusebenzisana namaphoyisa nezinye izinhlaka zokuphepha ukuhlakaza izidleke zobugebengu, bethuthukise ukutshalwa kwamaphoyisa ezindaweni eziyingozi ebese besheshisa ukuqala izinhlelo zasemiphakathini ezigwema ubugebengu.
Uphinde wathi njengoba icala liqhubeka, uyazinikela ekusekeni uhulumeni wesifundazwe ekuqinisekiseni ukuthi imindeni yezisulu ithola usizo lokulashwa ngokomqondo nobulungiswa butholakale ngaphandle ngokubambezela.
