
Nhlakanipho Mnqayi
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli useveze ukuthi luzoqala kusasa uhlelo lokuhlolisisa izicelo zalabo abahlomulile ohlelweni lokuthuthukisa amabhizinisi abantu abasha iYouth Empowerment Fund.
UNdunankulu usho kanje ngesikhathi kunengqugquthela yeYouth Empowerment Fund Business Management ngaphansi kwengqikithi ethu: Empowering Youth for Meaningful Economic Participation muva nje.
Edlulisa inkulumo yakhe uthe usethole izikhalazo eziningi mayelana nalolu xhaso.
“Uhlelo lokubuyekeza kabusha izicelo zoxhaso luzoqala kusasa. Sengiqoke ithimba elizimele ukuthi liphenye labo ababebhekelele ukukhishwa koxhaso, bebhekisise zonke izicelo futhi ngifuna umbiko ogcwele. Uma kutholakala ugcobho, lolo xhaso luzohoxiswa ngokukhulu ukuphuthuma,” kusho uNtuli.
Uthe wonke umuntu owafaka isicelo, kumele athole izimpendulo zokuthi kungani engalutholanga uxhaso.
“Lokhu kuzokwenza thina njengohulumenu siziphendulele kubantu abasha baKwaZulu-Natal. Ngiyazi kusanalabo abakhalazayo ngokuthi abazitholi izizathu zokuthi yinindaba bengalutholanga uxhaso. Abanye bathi labo abahlomulile, bahlomule ngokungemthetho,” usho kanje.
Khonamanjalo: uthe ukuxhasa abantu abasha kwezamabhizinisi abakwenzi-nje njengesenzo, kodwa kumele baqinisekise ukuthi bayalunqamula uhambo netsha ukuze babone ukukhula komnotho wesifundazwe.
“Lokho kuzokwenza uhulumeni above amanye amathuba amasha emisebenzi. Ngakho-ke sinqume ukuthi njengoba uhlelo lokubalekelela lusaqhubeka, kumele siqinisekise ukuthi bakulungele ukukhula,” usho kanje.
Uthe bekuneminxa emibili kulo lolu hlelo okubalwa oluka-R50 000 kuya ku-R1 okuyilabo abasanda kuqala amabhizinisi amasha. Kodwa, kusukela ku-R50 000 kuya ku-R2 million, bekungelalabo asebevele bekhona kwezamabhizinisi okungaba ukuthi bayalikhulisa noma bayaliguqula.
Uphonse inselelo kulabo asebevele benawo amabhizinisi ngokuthi baqikelele ekuwanakekeleni ngoba ngokwenza njalo bazoqinisekisa ukuthi bayabafundisa ukuze bathole amanye amathuba oxhaso aqhamukayo.
