
Nhlakanipho Mnqayi
UMnuz Lerato Motsoeneng oyi Senior General Manager kwaBolt uthi bazokithathela phezulu udaba lokubanjwa inkunzi nokuhlukunyezwa kukaSimthande Myeza.
UMostoeneng usho kanje kulandela ukuthi uSimthande Myeza odume ngelika “MakaThangithini” ezinkundleni zokuxhumana ngama video ahlekisayo ebanjwe inkunzi, kwashishwa yonke imali anayo ebhange abasolwa baphinde bathi akakhumule asale nqunu bamthatha izithombe, bamshutha nama-video enza ezinto ezisabekayo.
“Ithimba lethu lezokuphepha selixhumanile naye ukuze lithole imininingwane eminingi futhi baqondisise ukuthi kwenzekeni. Ngesikhathi sisalinde ukuqinisekisa imininingwane yoku-requesta, siyazibophezela ukusebenzisana ukuqinisekisa ukuthi udaba luyabhekisiswa,” kusho uMotsoeneng.
Uthe ukuphepha komphakathi kuyinto abayibeka phambili.
“Sizokwenza ngakho konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi lonke uhambo lakwaBolt luphephile futhi luthembekile. Sizoqhubeka sisebenzisane nabomthetho uma nje sithola lonke ulwazi,” usho kanje.
USihlalo we-KZN E-Hailing, uMnuz Sipho Mabika uthe ngesikhathi bethola lezi zindaba azibaphathanga kahle.
“Ubugebengu asihambisani nabo futhi siyaqonda nobunzima adlule kubo. Sifisa babanjwe abenzi balesi senzo,” usho kanje.
