
Uyaqala ngoMsombuluko kwiGagasi FM Fast Line uSelbeyonce Mkhize oshiye oKhozini FM kuleli viki kungalindele muntu.
USelbeyonce uzosakaza ngoDJ Sphectacula noNaves ngo-3 kuya ku-6 ntambama phakathi neviki.
Uvala isikhala sikaZisto owashiya wajoyina i-East Coast Radio. Ngesikhathi ehamba kwaqale kwafakwa abasakazi abahlukene ukubamba endaweni yakhe kwase kulandwa osaziwayo. Ogcinile ukuzwakala uMinnie Dlamini kuleli viki.
USelbeyonce wethulwe ngokusemthethweni namhlanje eGateway Hotel kwabezindaba ukuthi ubuye esiteshini asishiya ngo-2012.