
Kukhishwe imininingwane yokuxhasa usomahlaya uMakaThangithini obanjwe inkunzi kade e-requeste imoto eMbilo ngoLwesithathu.
Esitatimendeni udadewabo okhulumela umndeni uLomsongaka Myeza uthe umfowabo uSimthande ubone imoto isihamba ukuthi ayiyi lapho abefuna ukuya khona wacela umshayeli ukuthi ajike.
“Ilapho umshayeli ecasuke khona wagcina emise imoto. Kuqhamuke amadoda amabili omunye wakhomba uSimthande ngesibhamu. Omunye umvale amehlo wambopha izandla base beya endaweni engaziwa,” kubeka uLomsongaka.
Uthe bangene kwi-cellphone yakhe baya kwi-app yasebhange bakhipha yonke imali. Bathe uma bebona ungubani base befonela umndeni, ozakwabo nabangani befuna imali.
“Sebeyitholile imali bamkhumule waba nqunu, bathatha izithombe bamshutha nama-video enza izinto ezisabekayo,” echaza uLomsongaka.
Uthe babe sebe-requesta imoto eya kubo bamfaka phakathi bamdonsa ngendlebe ukuthi engenzi into ewubudomu.
Umndeni namhlanje uthe usesndaweni ephephile futhi uyalulama futhi icala libikiwe emaphoyiseni.
Kulabo abaafuna ukumeseka bengashayela uLomsongaka kuFacebook ekhasini: Lomsongaka Zanethemba Myeza, kuTikTok Lomsongaka Myeza noma ku-071 258 9892.