
Nhlakanipho Mnqayi
Abanye bamazi edlala indawo kaSbongiseni Mdlalose kuZalo, ngo-Sizwe emdlalweni amaThambo, abanye ngo-Dingane emdlalweni othi, A Wesley South African Christmas umfana omncane osezakhele udumo kwezokulingisa.
USphokuhle Luthuli (23) odabuka eMelville, ePort Shepstone uphinde abe ngumethuli wohlelo uMsindo Take Over alushayela noEmkay Music njalo ngempelasonto emsakazweni iGagasi FM, uthe namanje akakakholwa ukuthi ngempela uqokwe okokuqala ngqa kuma Simon Mabhunu Sabela KZN Film and Television Awards njengoba eqokwe emunxeni we-Best Newcomer Actor.
Lomcimbi okuzobe kungowesi-12 wenziwa, ubungaza abalingisi, ababhali, abaqondisi nabaqophi abanekhono KwaZulu-Natal, uzobanjwa zingu-19 July nonyaka eThekwini.
Kweminye yeminxa ebhekwe kakhulu kubalwa uMjolo Film Slate, A Wesley South African Christmas, Smoke and Mirrors, uZalo namanye.
Elandisa Ezangempela For Real uthe namanje akakakholwa.
“Namanje ngisazibuza ukuthi Nkosi yami, angiselwanga nje kodwa ngagcina ngiphupha iphupho leminye iminyaka. Ngijabule kakhulu emva kweminyaka ngizama ngingqongqoza emnyango kepha kungavulwa. Ngokubekezela, ukuzethemba nokuthemba uNkulunkulu ngazithola sengiyingxenye yefilimu esezweni jikelele njengoba kwakuyimi omncane kunabo bonke ngesikhathi sishutha iWesley South African Christmas,” kusho uLuthuli.
Uthe ujabule kakhulu ngokuqokwa nangethuba anikezwe lona.
“Lokhu kuqokwa kukhomba ukuthi injongo iyohlala ikhona uma umuntu esaphila nje. Ngiyalibonga ngempela ithuba engilinikwe amaSimon, anginikeze ithemba elikhulu kakhulu,” usho kanje.
Uphinde walandisa leli ziko lezindaba ukuthi uthando lokulingisisa lwaqala esangumfanyana nje omncane.
“Kahle kahle ngikhule ngilinganisela abantu ukuthi bakhuluma kanjani ngingazi ukuthi kuzohamba iminyaka ngigcine sengiwumlingisi kodwa ukuba wumlingisi ngagqugquzelwa kakhulu umdlalo uBambo Lwami ngendawo eyayidlalwa uMazwi (Menzi Ngubane) ongasekho.”
“Omunye engibukela kuye, iqhawe lami uChadwick Boseman owayedlala indawo ka-King T’challa kuBlack Panther. Okungihlaba umxhwele ngalo mlingisi ukuthi udaba lwethu luyafana. Kwakunesikhathi lapho ngangigula kakhulu, kodwa ngangiqhubeka nokuphefoma, angiyekanga ukulingisa futhi naye kwenzeka into efanayo kuye ngesikhathi beqopha iBlack Panther wayegula kakhulu kodwa walwa waqhubeka wayibamba, ngebhadi ekuhambeni kwesikhathi kwagcina kumenele,” ubeke kanje.
Uveze nokuthi ukubhalansisa ukuba umsakazi nokuba wumlingisi ubonga ukuba nabaphathi abangenawo umona njengoba iGagasi lenza okungaphezulu ukumeseka nasekuhlukaniseni isikhathi sabo nesamafilimu adlala kuwo. Uthe kodwa naye kungumsebenzi wakhe ukuthi aqikelele ekutheni uhlela kahle isikhathi sakhe sasemsakazweni nesokuqopha.
Uphinde waveza ukuthi okumenza ahloniphe impilo kakhulu ukukhuliswa umama wakhe eyedwa ubaba ekhona esaphila. Uthe uzolokhu ekhona endimeni yezokulingisa njengoba kukhona izinkampani ezimuthintayo futhi uyathemba ukuthi kuzogcina kuhlangene ngoba lona unyaka wakhe wokuthi enze izinto zenzeke.
