
Nhlakanipho Mnqayi
Inkantolo ehleli isikhashana sikhashana KwaMbobambi ngoLwesibili, igcine esitokisini umsolwa obandakanyeka ekuntshontshweni kwamagugu ambiwayo (minerals) KwaMbonambi.
USydwell Mkhatshwa (40) waboshwa zingu-13 June nonyaka ngokuthinteka ekuntshotshweni kwamagugu ambiwayo ngo-March nonyaka.
Ngokwesitatimende esikhishwe amaphoyisa, ithimba lawo lophiko i-Operation Vala Umgodi lisebenzisana mamaphoyisa aKwaMbonambi, bathola imibiko mayelana neloli elamiswa emgwaqweni waseNseleni liphethe iZircon engabiza uR800 000 eyebiwa eRichards Bay Minerals.
“Umshayeli wabaleka endaweni yesigameko, kodwa washiya amaphepha akhe ngaphakathi kulo iloli okubalwa kuwo umazisi kanye nezincwadi zokushayela. Emva kwemizamo eminingi ethungathwa, umsolwa wagcina eboshiwe endaweni yaseGermiston, esifundazweni saseGoli,” kusho isitatimende.
Sithe umsolwa uyathinteka kwelinye icala lokuntshontsha amagugu ambiwayo khona KwaMbonambi. Kuthiwa lamagugu ambiwayo wawathatha eRichards Bay Minerals ewayisa eSiphingo eThekwini nokuyilapho amaphoyisa ashaqa khona ama-minerals asolakala ukuthi antshontshiwe angabiza u-R24 million.
Umsolwa uzophinde avele enkantolo zingu-24 June nonyaka nalapho kulindeleke ukuthi afake isicelo sakhe sebheyili.
