
Nhlakanipho Mnqayi
Sekuqinisekiswe ukuthi bangu-10 abashone engozini yebhasi neloli emgwaqweni uR34 eVryheid. Kuke kwavela imibiko ethi kushone abangu-12.
Lokhu kuqinisekiswe uMphathiswa wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnuz Sboniso Duma ngesikhathi ehambele indawo yesigameko.
Esitatimendeni, uMphathiswa uthe emva kokuhlangana nethimba lakwa-Road Traffic Inspectorate (RTI) kuvele ukuthi bangu-10 abashonile.
“Bangu-10 abashonile. Abesilisa abayisikhombisa, nabesifazane abathathu. Izisulu ezingu-33 ziyakwazi ukuzihambela, ezintathu zilimele, hhayi kodwa kanzima ebese kuthi ezimbili zilimele kanzima,” kusho uDuma.
Uthe kusolakala ukuthi ²umshayeli webhasi ubezama ukusika, abanye abasindile bathi ubezela eshayela.
“Asifuni ukuqagela ngalesi sikhathi. Sinesiqiniseko ukuthi uphenyo luzosinika umbiko ogcwele,” usho kanje.
Uthe amaloli akufanele ahambe ngalomgwaqo obusetshenziswa yileli loli, kufanele engabe belisebenzisa uN2. Uthe ziningi izimpilo zabantu ezilahlekile ngenxa yomthamo omningi wamaloli emigwaqeni.
