
Sekushone uDJ Dosline oshayiswe yimoto eshintsha ithayi emgwaqeni uN4 ngaphandle kwaseMiddleburg eMpumalanga ngoMgqibelo ntambama.
Esitatimendeni esikhishwe umzala wakhe uNaked DJ weMetro FM, uTakalani Mkansi obaziwa ngoDosline kuthiwa ume eshintsha ithayi wabe eseshayiswa imoto ebidlula wagcina ngokushonela esibhedlelaa.
Uchazwe njengomuntu obengaphezulu kokuba wuDJ kodwa ewuphrojusa onethalente, ehlela imicimbi futhi enegama emkhakheni wokungcebeleka.
Abafuna ukudlulisa amazwi enduduzo bamukelekile ukuvela emndenini kusukela kusasa kubo eChromeville, eMiddleburg.
Izinhlelo zomncwabo seziqalile.
Kuthiwa ubhale i-status kwiWhatsApp efuna usizo ethi useshayiswe yimoto ebihamba abantu abadakiwe. Uthe akasenamizwa emlenzeni.
UDosline waqala emculweni ngo-2003. Usebenze neSoul Candi.
