
Nhlakanipho Mnqayi
Njengoba inyanga ka-June yaziwa njengenyanga yokunikela ngegazi, i-South African National Blood Service (SANBS) isinxuse ukuthi abantu banikele ngegazi njengoba namuhla umhlaba wonke uzobe ubungaza i-World Blood Donor Day.
Njengoba ingqikithi yakulonyaka ithi: Give Blood, Give Hope and together we Save Lives, enye yezindlela yokunxenxa abantu ukuthi bazinikele ngokunikela ngegazi besiza izimpilo zeziguli eziningi nemindeni yazo.
Isikhulu esiphezulu kwa-SANBS, uMnuz Ravi Reddy ekhuluma ne-eNCA, ubeke ezinye zezizathu zokuthi kungani abantu kumele banikele ngegazi.
“Njengamanje ziningi izindlela esiziqalile nyakenye ukuqinisekisa ukuthi labo abanikela ngegazi bayeza nokuthi sinegazi elanele ikakhulukazi njengoba kungena ubusika,” kusho uReddy.
Uthe ziningi izinkoleloze abantu abanazo ezithinta ukunikela ngegazi.
“Ezinye zezinkoleloze ezinkulu ukuthi abantu bathi inaliti esiyisebenzisayo izobenza betheleleke ngegciwane. Lokho kuyinkoleloze ngoba zonke izinsiza esizisebenzisayo azinawo amagciwane futhi zigunyaziwe yi-South African Human Products Regulatory Authority. Enye ukuthi abantu bathi uma sebenikelile ngegazi, baba ntekenteke, bephelelwe amandla. Lokho kungamampunge ngoba umzimba uyazigcwalisa kabusha ngegazi emva kweviki futhi emva kwezinsuku ezingu-56 ungakwazi ukuphinde unikele ngegazi.
“Abantu okumele banikele ngegazi kumele kube umuntu ophila impilo ephephile. Abe nesisindo somzimba esikahle, neminyaka engu-16 kuya phezulu. Lokhu kwenzelwa ukuthi kuvikele impilo yosuke ezonikela. Siyaqinisekisa ukuthi labo abasuke bezonikela basitshele uma bedla imishanguzo noma besandla kuhlinzwa,” usho kanje.
Uphinde waveza ukuthi bafuna ukuthola okungenani u-15% wegazi kulabo abasuke bezonikela ngegazi okokuqala ngqa.
“Isizathu salokhu ukuthi sibe nesisekelo esikahle njengoba abanye babantu abanikela igazi bethatha umhlalaphansi ngenxa yeminyaka, ukugula futhi bangaphezu kuka-15% abanikela ngegazi abangabuyi okuyisizathu esenza sifune abantu abasha abazonikela. Kulesi sabelo mali salonyaka esisanda kusiphothula, ngingasho ngingananazi ukuthi isibalo sabanikele ngegazi siku-17%, uma usiqhathanisa nokwenzeke ngesikhathi sokhuvethe ngo-2020, lapho esasuka khona ku-15% saya ku-7%,” ubeke kanje.
Uthe lokhu kuyancomeka njengoba kutshengisa ukuzimisela kwethimba labo, abezindaba, kodwa ikakhulukazi labo abazonikela ngegazi ukuze babone isidingo sokunikela.
