
Nhlakanipho Mnqayi
Kuphele amahlathi okucasha ngesikhathi abasolwa abane ababandakanyeka ekubambeni inkunzi besebenzisa umuthi beboshwa eVerulam namhlanje.
Laba basolwa okufaka kubo abesilisa ababili nabesifazane ababili kukholakala ukuthi bayathinteka ezigamekweni eziningi zalolu hlobo.
Ngokusho kwesitatimende esikhishwe ngabakwa Reaction Unit South Africa, sithe labasolwa baboshwe ngamaphoyisa azifihlile.
“Indlela abasebenza ngayo ukuthi abasolwa besifazane bazoya kubantu abangasolisi bezikhulumise nabo. Ngesikhathi besaxoxa, babagcobe ngestaputapu somuthi engalweni yesisulu ebese babenza ukuthi bengene emotweni yabo,” kusho isitatimende.
Sithe ngesikhathi isisulu sesingaphakathi emotweni, bayishaya izule nabasolwa besilisa abasebenzisana nabo.
“Izisulu zibe sezigebengwa izinto zazo ngaphambi kokuthi zilahlelwe esigangeni emgwaqeni. Abantu abaningi babikele abakwa-RUSA bethi uma sebegcotshwe ngalesi sitaputapu badideka umqondo,” sisho kanje.
Kuhlaluke nokuthi imoto yeVW Polo eSilver abayisebenzisayo ukwenza lobubugebengu ishaqiwe.
