
Kuleli sonto amaphoyisa abophe abathathu abebezama ukushushumbisa izidakamizwa kuleli e-OR Tambo International.
Owokuqala owaseNigeria ona-42 oboshwe esuka eSao Paulo eBrazil. Ubegwinye ama bullets ane-cocaine angu-70. Owesibili naye ubesuka eSao Paulo futhi udabuka khona eBrazil.
Ubesanda kufika ngesikhathi kuhlolwa isikhwama sakhe wadalula ukuthi ugwinye izinhlamvu ezingaphezulu kuka-100 ezine cocaine. Ukuhlolwa nge X-ray kufike kwaqinisekisa lokhu.
Owokugcina ngowase-Ethiopia oneminyaka engu-57 oboshwe engakangeni ebhanoyini ebelisuka kuleli. Kuthe uma kubhekwa isikhwama sakhe kwatholakala iKhat esinda ngaphezu kuka-90kg.
Kulezi zinyanga ezingu-6 ezedlule amaphoyisa athi asebophe abangaphezulu kuka-23 e-OR Tambo International Airport ngamacala okushushumbisa izidakamizwa.
