
Nhlakanipho Mnqayi
UMphathiswa wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal uMnuz Sboniso Duma useqinisekise ukuvalwa komgwaqo uN2 ngenxa yokukhithika kweqhwa eKokstad nasePort Shepstone.
Ukuvalwa kwalo migwaqo kulandela izixwayiso eziningi ebeziqhamuka kwizanusi zezulu mayelana nomsinga obandayo ozobe uphelezelwa yizimvula, umoya onamandla kanye nesichotho ezingxenyeni zesifundazwe KwaZulu-Natal.
Esitatimendeni asikhiphile uthe usuvaliwe umgwaqo uN2.
“Ukisindisa izimpilo, sinqume ukuvala umgwaqo maphakathi neKokstad noMgungundlovu nomgwaqo uR603,” kusho uDuma.
Uthe umyalezo wabo kubashayeli nalabo abathanda ukukhithika kweqhwa ukuthi kuhle bazithibe ukuze baphephe.
“Sinxusa abashayeli nabasebenzisa umgwaqo ukuthi bengayi kulendawo, belinde njengoba amaloli asevele evalelekile nokwenza kube nomthamo omningi wezimoto,” usho kanje.
Uthe ithimba lakwa-Road Traffic Inspectorate liyasebenza namaphoyisa omgwaqo aseKokstad nawakuMasipala wase-Ray Nkonyeni ukususa iqhwa.
