
Nhlakanipho Mnqayi
Zibakhalele abasolwa abathathu abatholwe namakhebuli e-copper bewalashiye elolini emgwaqeni uM31 ngase Pinetown.
Amaphoyisa oKlebe ophiko lwe-Serious Organised Crime Investigation esebenzisana nawethimba lakwaMetro Police Drug Team, iDurban Flying Squad kanye nethimba le-Economic Infrastructure Task Team abophe abasolwa abaneminyaka engu-21, 29 no-34 ngokutholakala nempahla eyebiwe nokudicilela phansi ingqalasizinda.
Amaphoyisa athe lamakhebuli angabiza izigidi zamarandi ngokwentengo yasemgwaqeni.
“Leli loli limiswe ngamaphoyisa kwatholakala u-4240 kilogram yezintambo ze-copper ezingabiza u-R848 000 ngokwentengo yasemgwaqeni. Abakwa-Telkom noMasipala weTheku bazihlonze njengezabo lezi zintambo.”
“Laba basolwa babe sebeboshwa. Iloli abebehamba ngalo lishaqiwe ukuze liyophenywa futhi kulindeleke ukuthi abasolwa bavele enkantolo yeMantshi ePinetown kusasa,” kusho amaphoyisa.
INhloko yaKwaZulu-Natal Directorate for Priority Crime Investigation esifundazweni, uMajor General Dkt Lesetja Senona ukushayele ihlombe ukuboshwa kwabasolwa, waphinde wancoma amaphoyisa ngomsebenzi omuhle.
