
UNonku Williams usememezele ukuthi uyayilaxaza iReal Housewives of Durban edlala kwiShowmax.
UNonku waseHillcrest uphethe i record lokuba kwi housewives isikhathi eside e-Africa yonke ngokubambisana noSorisha Naidoo njengoba sebehlale amasizini awu-5.
UNonku umemezele kwi-Instagram ukuthi ngemuva kokubuyekeza izinto uyayishiya i Real Housewives of Durban. Uthe ngeke aye nakwiReunion okuyisiqephu sokubuyekeza konke obekwenzeka kwisizini edlule.
“Uma ngizibuka kwi tv ngibheka neqiniso okunzima ukulamukela. Owesifazane engimbonayo akuyena enzimaziyo noma engimhlophayo. Ngibambe iqhaza ekwenzeni ukuthi kube nje kodwa nami ngiwumphumela wendlela uhlelo olwenziwa ngayo. Ukuhlala njalo kufuneka i drama, ukuqhatha abesifazane, ukuhleba nokucekelana phansi yinto embi engikhathazayo,” kusho uNonku
Uthe ufuna ukwenza umehluko emphakathini abe nomthelela omuhle emhlabeni kodwa lolu hlelo akuyona indawo yokwenza lokho.
Uthe unomsebenzi wokuba isibonelo esihle ezinganeni zakhe. UNonku ungunina wengane uNothile ayithola nomculi we gospel uSfiso Ncwane
Kule sizini eReal Housewives of Durban kukhona uJojo Robinson, Angel Ndlela, Ayanda Mthembu, Lo Sithole noKwanele Kubheke. Bajoyinwe umsakazi weGagasi FM uMinnie Ntuli njengesimenywa noLondie London oke waba khona kdala.
