
Nhlakanipho Mnqayi
UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Nhlanhla Mkhwanazi useqinisekise ukuthi iphoyisa ebelishayela imoto yamaphoyisa ingenaso isicabha lizothathelwa izinyathelo.
Leli phoyisa libonakale kwi-video esisabalale ezinkundleni zokuxhumana eqoshwe izolo lihuza ngalemoto engekho sesimeni sokuba semgwaqeni.
Kubikwa ukuthi lemoto yaba sengozini eNyakatho yeTheku ngesikhathi ishayisana netekisi futhi umshayeli owayeshayela ngaleso sikhathi kwakungowesifazane owayevalelekile okwaze kwaphoqeleka ukuthi kususwe isicabha ukuze akhishwe.
UMkhwanazi uthe abaphathi bamaphoyisa KwaZulu-Natal angeke bevumele noma ubani adicilele phansi igama lamaphoyisa ngokuphula imithetho.
“Ilunga ebelishayela lemoto, nephoyisa elikhiphe igunya elingekho emthethweni lokuthi imoto ishayelwe nabo bonke abathintekayo ekuthatheni isinqumo sokuthi imoto ibe semgwaqeni kulesi simo ebikuso, bazobhekana nokuqondiswa kwezigwegwe,” kusho uMkhwanazi.
Uthe lesi senzo sibeke impilo yaleli phoyisa engcupheni futhi sihlaza igama nesithunzi samaphoyisa, noma lemoto ibiphelezelwa enye imoto yamaphoyisa engaveli kule-video, kodwa iqiniso lisamile ukuthi bekungafanele ukuthi ibe semgwaqeni ikulesi simo esikuyo.
“Sisebenza kanzima ukuvikela isithunzi samaphoyisa esifundazweni saKwaZulu-Natal futhi siswbenza kanzima ukubuyisa ukwethembeka kwethu kubantu,” usho kanje.
Uthe angeke bavume nanoma ubani ukuthi aguqule umsebenzi onomthelela omuhle amaphoyisa asewenzile ukwakha indawo ephephile kubona bonke abantu basesifundazweni saKwaZulu-Natal.
