
Nhlakanipho Mnqayi
Umsunguli womqhudelwano webhola lezinyawo iKhabba Cup, uManqoba Mkhize, ubabaze ukukhula kwalo mqhudelwano nokuqhubeka kwawo ukukhiqiza abadlali abasafufusa ukuthi bazibonakalise.
UMkhize uveze lokhu ngesikhathi kuqhathwa amaqembu angu-32 azogadulisana kulo mqhudelwano eKing Zwelithini Stadium izolo. Lomqhudelwano ozoqala zingu-7 kuya ku-8 June nonyaka, uzodlalelwa ezinkundleni zemidlalo ezintathu okuyi Wema, Glebe neKing Zwelithini. Iqembu elizodla umhlanganiso lizohamba nesamba sika-R120 000, ijezi lebhola lakwa-Joma nendebe, elilale isibili lihambe no-R50 000 nejezi ebese amaqembu azongena emdlalweni owandulela owamanqamu athole uR10 000 nejezi.
Elandisa Ezangempela For Real, uthe njengoba kuwunyaka wesine lomqhudelwano wabakhona, uyaqhubeka nokukhula unyaka nonyaka.
“Sawuqala kancane siwuqala enkundleni yezemidlalo eWema, eMlazi wakhula. Ngonyaka olandelayo wasitshela ukuthi iWema yabancane, okwasiphoqa ukuthi siye kwezinye izinkundla. Kulonyaka uzobe ukhule kakhulu kunowa nyakenye ngoba uzisho wona. Sithe sikhipha isikhangiso esithi amaqembu asengajoyina, akuphelanga ngisho izinsuku ezine ukuze siqinisekise amaqembu azoba yingxenye yawo umqhudelwano,” kusho uMkhize.
Uthe baningi abadlali asebevundululwe yilo mqhudelwano asebedlala esigabeni esikhokhelayo ebholeni laseNingizimu Africa.
“Owokuqala kwaba ngu-Yanela Mbuthuma osebizwe eqenjini lesizwe njengamanje. Baningi abanye abadlala emaqenjini afana no-Richards Bay, AmaZulu, Lamontville Golden Arrows, Durban City namanye okusitshengisayo ukuthi umqhudelwano ukhulile. Okungijabulisa kakhulu ukuthi abantu laba abadayisayo ezinkundleni bayakwazi ukuthi nabo bedayise izingane zilale zidlile emakhaya,” usho kanje.
Uthe abathandi bebhola bengalindela imidlalo emnandi njengoba kuzoba nemidlalo ezondlalela owamanqamu okubalwa kuyo iqembu iMC Tshatha XI vs 12 Man Group neManqoba Invitation vs Legends. Uphinde wanxusa nabalandeli bamaqembu nabathandi bebhola ukuthi baphume ngobiningi babo.
UMenzi Ngcobo oqhamuka kwa-Hollywoodbets ongumxhumanisi omkhulu woxhaso lwebhola, uthe kulomqhudelwano walonyaka bazokwethula umacekeceke wendebe.
“Lendebe okungeyokuqala ngqa emqhudelwaneni waselokishini izoba negama leqembu elizonqoba umqhudelwano. Okunye ukuthi abalandeli bokuqala abangu-500 abazongena enkundleni ngosuku lomdlalo wamanqamu bazozitholela izikibha zamahhala, ebese ekugcineni komqhudelwano kuzoba nesteji lapho ompetha bezoqukulela khona indebe yabo nayo okuyinto yokuqala ngqa ukwenzeka,” kusho uNgcobo.
Uphethe ngokuthi ukusebenzisana kwabo nomqhudelwano weKhabba Cup kusho lukhulu kubona ngoba lomqhudelwano unikeza abantu ithuba asebevele benikeziwe ithuba ukuthi baziveze ukuze bazobonakalise ukuthi bakheke nganhloboni kapende. Uthe bayathemba ukuthi ukusebenzisana kwabo kuzoqhubeka kudlondlobale.
