
Owayeyikhansela leDemocratic Alliance (DA) kuMasipala wasOkhahlamba, uMichael Buthelezi, ugwetshwe odilikajele abane yiLadysmith Regional Court namuhla kulandela ukutholwa necala lokubulala aayethandana naye nezingane ezintathu eBergville ngo-2023.
Uphinde wathola nebhansela yeminyaka engu-15 ngokuphazamisa uksuebenza kwengalo yomthetho.
UButhelezi washisa uKhombisile Nyoka (41), indodakazi yakhe eneminyaka engu-12 uLubanzi Buthelezi, indodana eneminyaka engu-9 uZigizendoda Buthelezi nendodakazi eyayineminyaka emibili uSibingele Buthelezi.

Wabashisa bephila ngokokhela ngomlilo indlu ababelele kuyo yena wasinda eshe kancane.
Waqamba amanga watthi ubehlaselwa ngoba elwa nenkohlakalo njengekhansela. Wabuye wasola nowayethandana nentombi yakhe ukuthi uyena ophose ibhomu endlini.
Icala liphenywe yiPolitical Killings Task Team kwaboshwa uButhelezi emuva kophenyo.
Umholi weDA eKZN uFrancois Rodgers wavakashela uButhelezi esibhedlela eyomeseka. Wabhalela nomphathi wamaphoyisa eKZN uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi efuna lusukunyelwe lolu daba.
