
Nhlakanipho Mnqayi
Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uthe isizathu sakhe sokushiya abadlali abanamava eqenjini elizodlala imidlalo emibili yobungani leliqembu elizoyidlala yingoba ufuna ukuhlola abanye abadlali abancane abazibonakalisile.
IBafana izodlala neTanzania zingu-6 June nonyaka ePeter Mokaba Stadium, iphinde igadulisane neMozambique ngo-10 June, eLucas Moripe Stadium.
Ekhuluma nabezindaba ngesikhathi eqoka uhlu lwabadlali abangu-23 azobasebenzisa kulemidlalo yobungani, uthe kumele abadlali abancane benikwe ithuba ngoba bayikusasa lebhola lakuleli.
“Kumele banikezwe ithuba ukuze baziveze. Uma ngigculisekile, abanye babo bengabonakala esikwatini esizoya eMorocco emqhudelwaneni we-Afcon,” kusho uBroos.
Ebuzwa ngokumhlabe umxhwele ngomunye wabadlali abancane amqokile uSimphiwe Selepe (20) odlala esiswini, uthe into emchaze ngaye ukuthi uphasa kahle futhi uyalisiza iqembu uma kuyiwa phambili.
Abanye babadlali abancane ababiziwe esikwatini sikaBroos kubalwa oMbekezeli Mbokazi, Yanela Mbuthuma, Mohau Nkota, Sinoxolo Kwayiba, Relebohile Mofokeng nabanye.
Seluphelele uhlu lwabadlali oluqokwe ngu-Hugo Broos lumi kanje:
Onozinti
Ricardo Goss (SuperSport United), Renaldo Leaner (Sekhukhune United), Sipho Chaine (Orlando Pirates)
Izitobha
Sydney Mobbie (SuperSport United), Khulumani Ndamane (TS Galaxy), Thabo Moloisane, Fawaaz Basadien (both Stellenbosch), Nkosinathi Sibisi, Mbekezeli Mbokazi, Deano van Rooyen (Orlando Pirates), Samukelo Kabini (Molde)
Abasesiswini
Simphiwe Selepe, Thalente Mbatha (both Orlando Pirates), Luke Le Roux (Varnamo), Ndamulelo Maphangule (Polokwane City)
Abagadli
Relebohile Mofokeng, Mohau Nkota, Patrick Maswanganyi (all Orlando Pirates), Yanela Mbuthuma (Richards Bay), Sinoxolo Kwayiba (Chippa United), Oswin Appollis (Polokwane City), Tshepang Moremi (AmaZulu), Ashley Cupido (Stellenbosch)
