
Kuphela omunye umdlalo wethelevishini owenziwa wuphrojusa onesipiliyoni uDuma KaNdlovu.
ISABC isimemezele ukuthi iMuvhango iyaphela emva kweminyaka engu-28 ikhona. Izogcina ukudlala ngo-August 8 ngo-9 ebusuku kuSABC 2.
Amahlebezi athi iqedwa ngoba sehlile isibalo sabayibukayo. Isikhala sayo kuthiwa sizovalwa umdlalo omusha iPimville Queens ozokwenziwa uKagiso Modupe.
ISABC 2 ibonge abalingisi nabasebenzi ngaphansi kobuholi bukaNdlovu.
UKaNdlovu esitatimendeni uthe iMuvhango inike ithuba ulimi obeluzitshiwe.
UKaNdlovu ukhiqiza neSibongile & the Dlaminis yakwiMzansi Wethu okuthiwa iyaphela.
Kungekudala kuphele Umkhokha: The Curse neMy Brother’s Keeper abeyenzela iMzansi Magic.
Ungomunye wabasunguli boZalo oludlala kuSABC 1.
