
Nhlakanipho Mnqayi
UMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi usegxeke isenzo sokuzama ukubulala Inkosi uSimphiwe Cele yasebukhosini baseVukuzithathe Traditional Authority, eZinqoleni maphakathi kuMasipala waseRay Nkonyeni.
Kulesi sehlakalo esenzeke ngoLwesibili, kushone oyedwa omunye walimala kanti akusikhona okokuqala kwenzeka isigameko esifana nalesi njengoba ngenyanga edlule, Induna uGwala yesigungu soMkhandlu wakwaGwala eThekwini yadutshulwa yabulawa ekhaya layo ngabasolwa abangaziwa.
Imibiko ithi Inkosi uCele ibihamba nabantu ababili ngesikhathi kudutshulwa imoto yayo kwase kushona oyedwa, Inkosi kanye nomunye bathola ukulimala.
Edlulisa inkulumo yakhe, uMphathiswa uthe lesi senzo siyakhathaza kakhulu njengoba siveza isithombe sokukhula kodlame olubhekiswe kuMakhosi kanye nabanye abaholi abasezinhlakeni zobuholi bezomdabu.
“Ngiyalela bonke abezomthetho ukuthi bakhiphe zonke izinsiza abanazo ukuze kuboshwe lezi zelelesi. Ukuhlaselwa kweNkosi uCele nabalingani bakhe kumelene nokuthula kanye nozinzo esifundazweni njengoba beqhubeka nokudala ukungazinzi esifundazweni kanye nasesikhungwenk sobuholi bendabuko.”
“Ngidlulisa amazwi enduduzo emndenini woshonelwe kanye neNkosi nomsizi wakhe ukuthi balulame ngokushesha. Ngijxusa umphakathi ukuthi uze phambili nanoma yiluphi ulwazi abanalo olungasiza abezomthetho ukubamba laba abathintekayo,” kusho uMfu Buthelezi.
Umphathiswa uphinde wajuba umnyango ukuthi ubuyekeze ukuphepha kwaMakhosi ngokusebenzisana neminye iminyango kanye nabezomthetho, kwazise lesi sehlo sikhombisa ukukhula kokuhlaselwa kwaMakhosi nabaholi bomphakathi.
