
Nhlakanipho Mnqayi
Litshengise isipiliyoni ihhashi uNxakanxaka ebeligitshelwe ujokhi uNdumiso Masondo njengoba lidle umhlanganiso emjahweni wamahhashi iNkandla May Horse Racing obubhekwe ngamehlo abomvu izolo.
Bese kungokwesine uNxakanxaka enqoba lomjaho selokhu wasungulwa njengoba waqala ukuwunqoba ngo-2019, 2022, 2023 nakulonyaka ka-2025.
Lomjaho womtelebhelo obubanjelwe KwaNontshiza eNkandla ubuhlanganisa imijaho engu-11 ebihlukaniswe ngokwezigaba.
Ihhashi uNxakanxaka ukhale wemuka nendondo nesamba sika-R50 000, ihhashi elilale isibili Amazondo lathola u-R40 000 kwathi ihhashi elilale isithathu uPoul chester lathola uR30 000.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli uthe ukutshalwa kwemali umnyango wezamaCiko namaSiko, KwaZulu-Natal utshengise ukuthi likhulu isasa nentuthuko ngalomjaho wamahhashi eNkandla.
“Ojokhi abancane nabesifazane ababegijima ezinkalweni bagcina sebeyogijima emjahweni emikhulu efana noDundee July noKing Cetshwayo July. Konke lokho kuyinto enkulu kabi kubantu baseNkandla ngoba iphupho labo kwakuwukubona ojokhi abancane abakhulayo bethatha lomdlalo beyowufaka emadolobheni amakhulu afana neTheku,” kusho uNtuli.
Uthe uyajabula ukuthi lomdlalo owawuthathwa njengokuthi owasemakhaya ususezingeni.
“Noma yiluphi uhlobo lwesifundiswa noma yiluphi uhlobo lwesigwili, noma ngabe umuntu onjani, uvula amehlo awubuke lomjaho. Ubukhona balolu hlelo lapha eNkandla mina ngishayela elikhulu ihlombe ubuholi balapha eNkandla ukuba banake izinto ezifunwa abantu njengoba kuyinto yabantu, kungewona umbono kahulumeni.”
“Uma uhulumeni usondela ezintweni zabantu ulekelele, ayikho into enhle edlula leyo okuyinto engilethe lapha namhlanje (esho izolo),” usho kanje.
Kafushane ngomlando iNkandla May Horse Racing.
Wasungulwa ngo-2016, waqala emdaweni yaseThaleni ngamahhashi asendaweni kuphela. Ngo-2017, waqalwa endaweni yase-eDangweni nalapho yayisihlanganisa amahhashi akwezinye izindawo. Ngalowo nyaka ihhashi eladla umhlanganiso kwaba uSgwebo Sentambo.
Ngo-2018 ihhashi uSgwebo Sentambo wakuphinda lokho. Ngo-2019, ihhashi uNxakanxaka yilo eladla umhlanganiso kwathi ngo-2020 wangabibikho umdlalo ngenxa ye-Covid-19. Ngo-2021 wanqotshwa yihhashi uTrouble Maker, ngo-2022 nango-2023 wanqotshwa yihhashi uNxakanxaka, kwathi ngo-2024 wanqotshwa yihhashi uMbayimbayi, ngo-2025 waphinda uNxakanxaka wanqoba eqopha umlando.
