
Nhlakanipho Mnqayi
Amaphoyisa KwaZulu-Natal, athungatha abasolwa ababili abadubule babulala abantu abane endaweni yaseMzomusha, eDundee izolo.
Kubikwa ukuthi abalisa ababili abaneminyaka engu-31 no-35 bebengaphandle kwendlu ngesikhathi abasolwa ababili bafike bavulela ngenhlamvu bebhekise kubo, bashonela khona lapho.
“Abasolwa babe sebengena ngaphakathi endlini ebinabantu abathathu bafike bafuna imali nezidakamizwa kowesifazane oneminyaka engu-29. Kube nokuxakazisana phakathi kowesifazane nomunye wabasolwa okuholele ekutheni owesifazane adutshulwe amahlandla amaningi.”
“Abasolwa babe sebemuhlola bathatha isamba semali engadalulwanga. Ingane yentombazane eneminyaka engu-14 nayo idutshulwe amahlandla amaningi yashonela endaweni yesigameko. Izisulu ezimbili, owesifazane obengaphakathi endlini nowesilisa okubikwa ukuthi ukwazile ukubaleka ngesikhathi ezwa ukuqhuma kwesibhamu, waphuma engenamiyucu,” kusho isitatimende.
Imbangela yokubulala kusolwa ukuthi bekubanjwa inkunzi, kodwa ingxabano ethinta izidakamizwa nayo iyasolakala. Amaphoyisa acela noma ubani ongase abe nolwazi oluthinta lesi sehlo noma onolwazi lokuthi abasolwa bakephi athinte isiteshi samaphoyisa esiseduzane noma beshayele inombolo ethi: 08600 10111.
